Angiholi amatshe, kusho iBamba likaKhomishana wamaPhoyisa

2016-12-02 11:31

Johannesburg - IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa uLieutenant General Khomotso Phahlane ukhiphe isitatimende sokuthi uzovulela uphiko oluphenya amaphoyisa icala ngokumninda ngobubende inyama engayidlanga.

“Siyakuhlonipha ukusebenza kwe-IPID wokuphenya amaphoyisa angenzi kahle futhi nami angikhethekile kwabaphenywayo. Uma kukhona okubi engikwenzile, kumele ngiphenywe futhi ngeke ngikunqabe lokho,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa athungatha owesilisa ngecala lokugebenga

Uthe ukwephulwa kwenqubo yokusebenza kubonakale ngokuthi kufakwe nabantu abafana noPaul O’Sullivan ukuba ahole lolu phenyo.

“Lokhu akuhambisani nemigomo, futhi akuvumelekile. Ngeke wasicabanga isimo esifana nalesi kuli lizwe," esho, kubika Citizen.

“Okubi kakhulu wukuthi uPaul O’Sullivan ubhekene namacala asuqulwa enkantolo. Ungamletha kanjani lowo muntu ukuba azophenya ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa,” kuqhupheka  yena.

UPhahlane uqhubeke wathi akanankinga nokuphendula yonke imibuzo kanye nokunikezela ngolwazi kubaphenyi.

"Ngiluthathela phezulu lolu daba, kodwa angikuthandi ukuthi umuntu angihlambalaze. Kube khona umuntu ozofike ame phambi komuzi wakho, awubuke bese athi ibiza u-R8 million.

"Ufike kanjani kulelo nani, abantu abangenzi sengathi ngiyiphoyisa elincane elisanda kuqashwa. Ngineminyaka engu-31 ngisebenza futhi bengingaholi amatshe. Ngihola njengazo zonke izisebenzi zikahulumeni."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.