Angilandeli amaqabane, ngilandela usiko, kusho uCele

2017-09-22 18:01

Tshwane – Ilungu lesigungu esiphezulu ku-ANC uBheki Cele uthi akayiqondisisi indaba yokufuna ukuphikisana nosiko lwenhlangano lokukhetha umengameli olandelayo we-ANC.

UCele bekathula inkulumo yakhe namalungu ale nhlangano egatsheni laseDanville, lapho athe i-ANC yazisungulela olwayo usiko olunomlando weminyaka engu-105.

Uthi baningi omengameli abake bahola lenhlangano ngaphambilini, kangangokuba ngombuso weNkosi u-Albert Luthul (1952 - 1967) kwase kuphenduke umkhuba ukuthi iPhini likaMengameli yilona elithatha izintambo uma kwehla uMengameli.

UCele uthi akaqondisisi ukuthi kungani kunomengameli ofuna ukuguqula lolu siko.

"Sikhetha umengameli owaziyo omsebenzi, hhayi ukuthi ungowesilisa noma ungowesimame, kodwa umengameli ozokwazi ukuhola uKhongolose, kanti lokho sikwenza ngokulandela usiko," kusho yena.

OLUNYE UDABA:UBheki Cele usephumile esibhedlela kulandela ingozi

Uqhubeke wathi le nhlangani yazama ukushintsha izinto ngesikhathi ibheke enkomfeni yama-52.

"Bazama ukushintsha izinto ePolokwane, singamalungu e-ANC sakhaya phansi ngonyawo, sala ukuguqula usiko lwethu. IPhini likamengameli yilona elathatha isikhundla sokuba nguMengameli."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.