Johannesburg - UNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uNomvula Mokonyane usephoqeleke ukuba azivikele ezinsolweni ezenziwe uSotswebhu we-EFF, uFloyd Shivambu, ngaye.
Kwi-website yeqembu, i-EFF ibhale incwadi equkethe lokho ihhovisi likaNgqongqoshe elikuchaze njengezinsolo ezingaqondile ngqo.
Incwadi ibithi kunomuntu othile, onobudlelwane noNgqongqoshe, okunguyena onesandla ezinhlelweni ezenziwa uMnyango, ukukhishwa kwamathenda nangendlela okusetshenziswa ngayo izimali; nokuthi uNgqongqoshe unomuzi obiza u-R40 million endaweni yaseSandhust, eGoli.
“UNgqongqoshe usemphendulile usotswebhu we-EFF futhi wafisa nokucacisela umphakathi ukuthi lo muntu okukhulunywa ngaye akasebenzi eMnyangweni futhi akukho okumhlanganisa nezinqumo ezithathwa wuMnyanga ngokusebenza kwawo.”
OLUNYE UDABA: Uthi uphakathi komhlane nembeleko okamaskandi ojoyine iMabala Noise
UMnyango uphinde wathi uNgqongqoshe wazidalula zonke izinto anazo okubalwa kuzona nezindlu zakhe njengokusho komthetho.
Ku-Twitter‚ uShivambu uphinde wathi: "UNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle usewunike u-Ben 10 uMnyango, uhambe naye ukuya e-Iran nase-New York ngonyaka odlule”
UMnyango uzichithile lezi zinsolo, uthi kuhloswe ngazo ukungcolisa igama elihle likaNgqongqoshe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).