'Angisiye uBen 10, lelo gama lehlisa isithunzi'

2017-02-21 16:01

Johannesburg - Ukubizwa ngo-Ben 10 akugcini ngokucekela phansi isithunzi kodwa kuphinde kutshengise ukwedelela kulabo abasuke bekubiza ngaleli gama.

Lokhu kungokusho kukaLuvo Makasi osolwa ngokuba ngu-Ben 10 kaNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uNomvula Mokonyane.

UMakasi ubekhuluma kanje kulandela izinsolo ezenziwa ngumholi we-Economic Freedom Fighters uJulius Malema nabephephandaba iCity Press emasontweni ambalwa edlule, ezithi uyisoka elincane likaMokonyane.

OLUNYE UDABA: UMalema ubize umengameli Zuma nge’Blesser’

"Ukubizwa ngoBen 10 akugcini ngokucekela phansi isithunzi kodwa kuphinde kutshengise ukwedelela. Ngingathanda ukuthi ngingaphinde ngizithole ngiphendula lo mbuzo noma ohlobene nalolu daba," kusho uMakasi.

Ngokusho kukaMakasi, lezi zinsolo zisabalale ngesikhathi ifemu yakhe yabameli iBoqwana Burns inikeze iLepelle Water Board izeluleko zomthetho ngomsebenzi iGiyane Water Project.

"Sesinesikhathi seluleka abantu ngemisebenzi eyehlukene, inkinga iqale ngesikhathi sesithinta lo waseGiyani," esho.

Lokhu kuza ngemuva kwencwadi ebhalwe yi-EFF ebithi kunomuntu othile, onobudlelwane noNgqongqoshe, okunguyena onesandla ezinhlelweni ezenziwa uMnyango, ukukhishwa kwamathenda nangendlela okusetshenziswa ngayo izimali; nokuthi uNgqongqoshe unomuzi obiza u-R40 million endaweni yaseSandhust, eGoli.

 - SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.