'Angiyikholwa eyokuthi uSenzo wabulawa bebanjwa inkunzi' - Chicco

2018-02-09 19:40

Johannesburg - Inkakha kwezomculo kuleli uSello “Chicco” Twala useveze ukuthi akayikholwa eyokuthi kwakunesigameko sokuphanga ngosuku okwabulawa ngalo lowo owangunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.

Usenxuse ukuthi bonke la bantu abayisithupha ababekhona kwenzeka lesi sehlakalo ukuba bakhulume iqiniso.

Kwenye yezingxoxo zakhe nabezindaba, uTwala utshele iPower FM wathi: "La bantu abayisithupha kumele bakhulume iqiniso. Kukhona umuntu owadubula, wabulala uSenzo ngalobuya busuku, bathuleleni?

“Angiyikholwa le yokuthi babebanjwa inkunzi. Kukhona owaziyo ukuthi uSenzo wabulawa ngubani, okubalwa nendodana yami lapho phakathi. Kumele baboshwe bonke uma isidingo sikhona. Ngicela bangangifaki kulo mbhedo."

La bantu abayisithupha uTwala akhuluma, yindodana yakhe uLongwe nabangani bayo ababili, uKelly Khumalo, umama wakhe nodadewabo uZandile.

OLUNYE UDABA: UChicco uthi ubaba kaSenzo unobuSathane

UTwala uphawula kanje kulandela izinsolo ezithi kwasetshenziswa isibhamu sakhe ngesikhathi kubulawa uSenzo.

Amahlebezi ezinkundleni zokuxhumana asola ukuthi uLongwe wasebenzisa isibhamu sikababa wakhe ngesikhathi edubula uSenzo.

UTwala uthi iyamnenga indlela abekwa ngayo ezinkundleni zokuxhumana. "Kwaba yicala yini ukuthi ngifonelwe bese ngiphuthuma esibhedlela? Abantu bakuleli sebesola mina manje, ngiyathukwa," esho.

Uthi uzimisele ngokugeza igama lakhe futhi wathembisa nokuqinisekisa ukuthi leli cala liyaxazululwa ngokushesha.

"Ngizogqugquzela uFikile Mbalula ukuthi abophe abantu. Ngizobanga umsindo ngoba ngifuna ukugeza igama lami. Uma kungukuthi indodana yami inecala, uMbalula kumele ayibophe bese eyibeka icala khona izovalelwa ejele," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.