Angiziphuphi ngishiya i-SSU - Ofunwa yiDonws

2016-08-12 19:00

Johannesburg - Akayicabangi eyokushiya iSuperSport United umdlali oyinyama, uJeremy Brockie, okuthiwa ufunwa yiMamelodi Sundowns, kubika iSolezwe.

UPitso Mosimane umfuna eqenjini lakhe lo mdlali ngoba uhambe phambili ngokushaya amagoli ngesizini edlule uma sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano.

UBrockie, odabuka kwelaseNew Zealand, ushaye amagoli angu-20 ngesizini edlule.

Lo mdlali ufike kuleli qembu laseTshwane ngoGordon Igesund, washeshe wazibonakalisa ukuthi ungumgadli oseqophelweni eliphezulu.

Funda nalolu daba: Usenomazisi wakuleli oweChiefs

Indlela akhuluma ngayo lo mdlali ikhombisa ngokusobala ukuthi uMosimane ngeke amthole.

“Uma ubheka umqeqeshi esinaye bese uphinde ubheka nabadlali abasayinisiwe, kuyacaca ukuthi iSuperSport United iyiqembu elifuna ukuya phambili.”

“Maningi amathuba okuba sithathe izicoco kule sizini ezoqala. Ngiyazi ukuthi iSundowns iyangifuna kodwa angiphuphi ngisho ngilele ngishiya iSuperSport United.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.