Angu-45 amakhansela asebulewe kusukela ngo-2009 - Mbalula

2017-10-13 16:03

Cape Town – Sekubulawe amakhansela angu-45 kusukela ngo-2009, ngokwempendulo kaNgqongqoshe wamaPhoyisa ayikhiphe ngesikhathi ebuzwa imibuzo ePhalamende ngoLwesine.

Ukubulala okuhlobene nezombusazwe sekudonse amehlo abezindaba kulezi zinyanga ezedlule kulandela ukubulawa kwezikhulu zikahulumeni eziningi ngemuva kokhetho lwasemakhaya lwango-2016, okubalwa nalowo owayenguNobhala Jikelele we-ANC Youth League eyahlakazwa, uSindiso Magaqa, owashona ngoSepthemba.

ILungu le-Economic Freedom Fighters (EFF) ePhalamende uSibonakaliso Mhlongo ubuze uNgqongqoshe uFikile Mbalula, ukuthi mangakhi amakhansela asebulewe isifundazwe ngasinye kusukela ngo-2009, okuyisikhathi lapho okwaqala khona ukuphatha uhulumeni kaMengameli Jacob Zuma.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa kade ayekhala ngokulandelwa uSindiso Magaqa

UMbalula uphendule wathi, kule minyaka engu-8, mahlanu amakhanela abulawe e-Eastern Cape, lilodwa eFree State, mane eGauteng, ayisikhombisa eMpumalanga, mathathu eNorth West, linye eWestern Cape, kanti KwaZulu-Natal angu-24.

Ukubulawa kwala makhansela kwenzeke cishe komasipala abangu-18 KwaZulu-Natal.

Mayelana nalezi zehlakalo sekuboshwe abantu abangu-62. Ngokwezifundazwe, kwaboshwa abathathu e-Eastern Cape, abathathu eFree State, abayisithupha eGauteng, abangu-15 eMpumalanga, abane eNorth West, kanye nabangu-31 KwaZulu-Natal.

UMbalula akazange enabe ukuthi uphenyo lukusiphi isigaba kubona bonke laba abangu-62 ababoshwa.

Thola udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.