Anikezwe izincwadi zokumiswa emsebenzini amaphoyisa 'abevungula ngemali'

2017-10-28 13:06

Johannesburg – Anikezwe izincwadi eziwazisa ukuthi azomiswa emsebenzini amaphoyisa amabili kaMasipala waseKurhuleni abasebenzela eThokoza, empumalanga yeGoli.

Lokhu kulandela ukuthi kusabalale i-video yawo ezinkundleni zokuxhumana ebonakala edla ukudla endlale imali ngaphezulu, kuqinisekisa uChief Superintendent Wilfred Kgasago.

La maphoyisa anikezwe lezi zincwadi ngoba ethele umnyango ngehlazo ngenxa yokuziphatha kwawo okungahambisani nezimiso zomsebenzi.

Izithombe ezisabalele zitshengisa la maphoyisa adlubhe umfaniswano etsaka ngemali engamaphepha engo-R100 no-R200 ngesikhathi edla isidlo sasemini ebesibekwe ebhuthini lemoto.

OLUNYE UDABA:BUKA: Azigwaze ngowawo amaphoyisa omgwaqo andlale imali phezu kokudla

I-video itshengisa la maphoyisa elalele umculo, ezitika ngokudla aze asebenzise imali engamaphepha ukuvungula aphinde asule imilomo.

"Kudliwa inyama, kudliwa imali," kusho omunye ngesiZulu, ngesikhathi owesifazane othatha i-video eveza ukuthi yiningi imali ebhuthini.

"La maphoyisa amabili atholakele, abizelwa ekomkhulu lamaphoyisa ase enikezwa izincwadi eziwazisa ngokumiswa kwawo emsebenzini," kufundeka isitatimende.

Laba bobabili bazovela ngaphambi kwenhloko yamaphoyisa ngoLwesibili bachaze ukuthi kungani kungamele bamiswe emsebenzini.

Okhulumela iRoad Traffic Management Corporation, uSimon Zwane, utshele izintatheli ngaphambilini ukuthi ukuziphatha kwala maphoyisa akwamukelekile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.