'Anithuliseni umam’uHani, nathi salahlekelwa'

2016-03-11 14:32

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Phakathi kwezinye zezinto ezingenza ngithande umthetho kaMose owawusika itshe, ukuthi kwakungekho ukujikela emva kwendlu uma ulahlwe yicala lokubulala, wawubulawa.

Kwafika uJesu wathi mabekumuhluza ngapha ubophendula ngapha bakumuhluze nakhona…sekunje namhlanje!

Ngikhala ngesililo sikamama uHani ongunkosikazi kaChris Hani. Sekuphele iminyaka engaphezu kwamashumi amabili abulawa ngesihluku umyeni wakhe nanamhlanje inxeba liyopha kubuhlungu kuye nabaningi abazwelana nomndeni kaHani kanye noKhongolose ngathi ubulewe namhlanje.

Ngikwazi kahle ubuhlungu bokufelwa umuntu engagulanga ebulewe nje emini kwa-bha! Isikhathi sika 1989 kuya ku-1996 sasisibi kakhulu eNingizimu Afrika.

Baningi abantu ababulawa kubalwa nobaba ozala mina, befela ezimpini zombangazwe nepolitiki. Abanye bababulali babanjwa bagwetshwa sebaphuma kudala.

Uthi uZamani Mbatha (ungabuzi ukuthi ubani lowo ngoba senajwayela ukuthi into ibaluleke ngoba ishiwo osoziwayo) musani ukukhalela izinqumo ngokubonelelwa ngoshwele kweziboshwa zamacala ezepolitiki, khalani ngohlelo olugunyaze lezinqumo.

Funda nalolu daba: Baphawula ngokumiswa kowoKhozi

Lengcithabuchopho yakwaMbatha ayinamajazi futhi ayaziwa muntu kepha ishaya igama elinamadevu.

Kuyoba nini njengesizwe sikhala uma sekuthathwa izinqumo kodwa singakhali uma kusadidiyelwa uhlelo olugunyaza izinqumo ezithize.

Bonke abantu abafelwa ezimpini nezidubedube zezombangazwe ngaleziya zikhathi bafanelwe ukuthotshwa amanxeba. Bafanelwe ukududuzwa…kodwa nabo phela abaqede ukukhala!

Uma kuzocutshungulwa udaba lwezibonelelo zika shwele makungabhekwa ukuthi ubulele bani, kepha akubhekwe ukuthi ubulele nhlobo luni njengoba vele izinkantolo zikubeka icala lokubulala elihlukile ngokokuthi ubulele kanjani hhayi ukuthi ubulele bani.

Manje sekuzovuswa izilonda esezaphola ngento encane, xolani sizwe esinsundu, sonke sahlukumezeka ngandlela ningi.

Anithuliseni uMam’uHani bakwethu!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.