Aqamba amanga amaphoyisa kwesokubulawa kwebhungu esitokisini: Ipid

2016-07-21 11:32

Johannesburg - Ukube amaphoyisa awenzisisa umsebenzi wawo, ahlola zonke izitokisi ngabe sagwemeka lesi sigameko esihlasimulisa umzimba kwibhungu elashumpulwa ubuso.

I-Ipid Police Investigative Directorate (Ipid), okuyiyo ephenya isigameko sokubulawa kwebhungu uGerdo Karelse, 18, isithole ukuthi amaphoyisa aqamba amanga ngokubheka la madoda womabili ayevalelwe esitokisini womabili eBeaufort West.

OLUNYE UDABA: Amazinyo omufi abehlaphazeke phansi nezindebe zakhe zishumpuliwe esitokisini

UKarelse watholwa enamaxeba angabekezeleleki ebusweni ngesikhathi kuhlowa izitokisi. Imibiko engaqinisekisiwe yathi izindebe zazingekho kanti amazinyo akhe ayesakazeke phansi eceleni kwakhe.

UZuko Mgqqgunthu obesesitokisini noKarelse ubhekene necala lokubulala nokucekela phansi impahla.

Isikhulumi se-Ipid uRobbie Raburabu utshele abe-TMG Digital ukuthi amaphoyisa aqamba amanga ngokuhlola izitokisi ngesikhathi sokubulawa kukaKarelse, athi zahlolwa ngamaphoyisa ayengekho ngisho esiteshini ngaleso sikhathi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.