#ArmedForcesDay - UMengameli ukhumbula amaqhawe ashona kucwila i-SS Mendi

2017-02-21 11:02

Durban - Evula umcimbi wokuhlonishwa kwamasosha akuleli kanye namaqhawe alala eminyakeni eyikhulu eyedlule elibangise empini uMengameli uncome lo mbutho ngokuzinikela ekuvikela izwe.

UMengameli uJacob Zuma udlulise namazwi enduduzo ngokushona kwamasosha amathathu kanye nabasizi abathathu ngesikhathi kuqhuma igesi echwebeni laseThekwini.

Ngomhlaka 21 kuFebhruwari  1917 umkhumbi i-SS Mendi wawuphethe amasosha angu-823 ayelibangise kwelaseFrance empini ngesikhathi ehlangabezana nokufa ngesikhathi umkhumbi  ushayiswa ngomunye omkhulu wacishe wahlukana phakathi.

OLUNYE UDABA:

Alinganiselwa emakhulwini ayisithupha amasosha akuleli, iningi lawo kungabantu abansundu abebethi beyolekelela ekulweni empini okwakungenkulukazi ngethemba lokuthi nabo bayosizakala uma sebelwa nobandlululo lwakuleli.

OLUNYE UDABA:Umengameli Zuma ufisele abantu bakuleli amaholidi anokuthula

Ngeshwa laba abansundu bebenganikwa izibhamu futhi kwakuhloswe ukuthi bazosetshenziswa njengezigqila zamasosha.

Lawa maqhawe awakaze ahlonishwe ngeqhaza nokuzinikela kwabo kulokhu.

Ukucwila kwalesi sikebhe ngesinye sezigameko ezinkulu esilandela esenzeka kwelaseFrance lapho kwaphangalala amanye amaqhawe.

"Namuhla silapha ukuzohlonipha lawa maqhawe alala, sibonga ukuzinikela kwabo, ugqozi nokwethembaka kwawo ekulweni nengcindezelo.

Sizoqhubeka nokuwahlonipha lawa maqhawe futhi ukuzinikela kwawo kuyohlezi kukhanya njalo emlandweni wakuleli.

Lolu suku lwanamuhla, lokuhlonipha amasosha siluhambisa ezifundazweni ezahlukahlukene njalo ngonyaka ngoba sifuna ukufinyelela kubo bonke abantu sihlanganyele ndawonye sihloniphe ukuzinikela kwamasosha," kusho uMengameli Zuma. 

UMengameli ubuye wabonga amasosha ngokuzinikela isikhathi ukubonisa umphakathi ukuthi basebenza kanjani, nokukhangisa ngazo zonke izinsiza abasebenza ngazo kanye namathuba omsebenzi akhona kulo mbutho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.