Asekhishiwe amagama abashona kwesenzeka eLadysmith

2017-11-07 14:00

Durban - Asedaluliwe amagama othisha abashona esigamekweni sokudutshulwa kukasomatekisi ngomhlaka-31 Okthoba eduzane naseLadysmith.

Zonke izisulu zingothisha besikole esiseMnambithi kanti bonke babesetekisini.

Amagama othisha abashona kulesi sibhicongo nguHelga Bonisile Zandile Ziqubu, 48, uJane Khethokuhle Thwala, 45, uSizakele Maureen Mavimbela, 37, noZandile Annastasia Dlamini, 47.

Othisha ababili abasasesibhedlela bayelulama kulandela ukulimala kabi.

OLUNYE UDABA:Sesinyukile isibalo sabashone kwesenzeke eLadysmith

Kudalulwe negama lomshayeli wetekisi, yena unguSanele Mqapheli Tshabalala, 23.

Omunye owashona kulesi sigameko wayesebenzela inkampani yamathuluzi kwaLasher, owayesetekisini. Igama lakhe nguSphamandla Vusumuzi Nkomonde, 38.

Ngokusho kwamaphoyisa, okwamanje bekungakaboshwa muntu. Ngaphambilini bekubikwe ukuthi sebengu-12 abantu abashone kulesi sigameko, kodwa amaphoyisa athi isibalo sisemi kwabangu-11.

Amaphoyisa aphinde adalula amagama abantu ababesevenini.

Evenini kwakukhona uChristopher Mzikayifani Ngobese, 64, isekela likasihlalo weKlipriver Taxi Association waseMatiwaneskop, UNozipho Ngobese, 33, waseMatiwaneskop oyindodakazi kalo sihlalo.

UMthembeni Mkhize, 36, waseHillcrest ongunogada, noBuyane Amon Gama, 37, waseMatiwaneskop ongumshayeli.

Amaphoyisa abengakamuhlonzi lo omunye unogada naye owashona evenini.

 - Ladysmithgazette

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.