Asekhishiwe amagama abavukuzi abashiswa nebhasi eModikwe

2018-04-12 18:02

eNorth West - Ngosizo lokuhlaziywa kolibofuzo, amaphoyisa aseveze amagama abasebenzi abayisithupha basemayini yaseModikwa ababilawa ngesihluku.

Laba basebenzi basha bangqongqa nebhasi elashiswa ngomhlaka 2 kwephezulu.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe laba abashona baseminyakeni ephakathi kwengu-37 kuya ku-58 ubudala.

Amagama aboMoniccah Mabilo, 57, Solomon Komana, 37, noSimon Mahlokwane, 42, bonke ngabase-Ga-Mahlokwane; uJohannes Malepe, 56, noZiphora Makuwa ,48, bona babuya eDriekop; kanti uPheta Ranku ,58, yena udabuka kwelaseLesotho.

OLUNYE UDABA:Kushone abantu abangu-6 kushiswa ibhasi ebebehamba ngalo

Babengu-28 abasebenzi ababehamba ngaleli bhasi abasebenza emayini iModikwa Platinum Mine eBurgersfort, eLimpopo ngesikhathi behlaselwa.

"Abantu ababili abazenze abasebenzi basemayini, bangene ebhasini balishisa. Ngemva kwalokho baphuma babaleka,” kusho okhulumela amaphoyisa eLimpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo.

Uthi abavukuzi abayisithupha basha bangqongqa. Umshayeli webhasi kanye nabanye abavukuzi abangu-28 bakwazile ukuphuma ngamawindi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.