Asephelile amathikithi amaNtshontsho kaMaskandi

2017-03-31 16:03

Durban - Wonke amalungiselelo omcimbi wokuklonyeliswa kwabaculi bakaMaskandi Amantshontsho kaMaskandi Awards aseya ngasekupheleni.

NgoLwesine abahleli balo mcimbi baveze ukuthi asedayiswe wonke amathikithi alo mcimbi.

Ngokusho kukaZazi Nxele lokhu kwenzeka sekusele izinsuku ezimbalwa uqale lo mcimbi kanti futhi basebaningi abantu abasawafuna lama mathikithi.

“Kuyasithokozisa ukuzwa ukuthi amathikithi asedayiswe wonke futhi awasekho asele. Lokhu kubonisa ngokusobala ukuthi lo mcimbi uyakhula minyaka yonke futhi liyanda nesasasa kusukela kubathandi bakaMaskandi,” kusho uNxele.

UNxele uqhubeke wathi basebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi wonke amalungiselelo aphothulwa ngesikhathi.

OLUNYE UDABA:Abaculi bakamaskandi bawabheke ngabomvu Amantshontsho

Abaculi nabo sebethelekile eThekwini kanti kulindeleke ukuba basebenzise uLwesihlanu njengosuku lokuzilungiselela ikakhulukazi kulabo abazobe benandisa kulo mcimbi.

Kuzoma yonke into edolobheni laseThekwini ngomhlaka 1 Ephreli njengoba abahleli balo mcimbi bathi kuzoba uhlelo luzoqala ekuseni ngemibukiso ebukhazikhazi yamasiko lapho kuzobe kunandisa khona amaqoqo ahlukene abaculi.

“Izinhlelo zizoqala ekuseni e-Albert Park nokuyilapho umsakazo oyintandokazi uKhozi FM luzobe lusakazela khona kanti bonke abaculi abayingxenye yohlelo bazobe bekhona futhi kuzobe kunandisa amaqoqo ahlukahlukene aqhakambisa umdanso wesintu.”

Kuthiwa lokhu kuzolandelwa wuhambo olubheke e-ICC ntambama sekubhekwe emcimbini omkhulu wokuKlonyeliswa kwabaculi.

“Iminyango yase-ICC izovulwa ngo-5 ntambama ukuze abantu bakwazi ukungena kahle kusenesikhathi ngoba nakanjani ngo-18h00 umcimbi uyaqala,” kuqhubeka uNxele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.