Asezobuyela emgwaqeni amatekisi amiswa eSoweto

2017-08-14 18:00

Johannesburg – UNgqongqoshe wezemiGwaqo nezokuThutha eGauteng u-Ismail Vadi ngoMsombuluko ukhulule abamatekisi abasebenza ngaphansi kukasoseshini iWitwatersrand African Taxi Owners Association (Wata) ukuba baqhubeke nokusebenza eSoweto. 

Lo soseshini kanye neNancefield Dube West Taxi Association (Nanduwe) bamiswa ukusebenza kwaphinde kwavalwa amarenki ngenyanga edlule ngemuva kokuqubuka kodlame ngenxa yemizila.

INanduwe yona isavaliwe ukusebenza ngenxa yokungafuni ukusebenza ngokubambisana kanye nokulekelela ekuqedeni udlame kule ndawo, kusho uVadi.

“Ngiyasihoxisa isinqumo sami engasithatha ngomhlaka-13 ngenyanga edlule ngeWata njengoba isizoqhubeka nokusebenza ekuthutheni umphakathi waseSoweto,” kuqhubeka yena.

OLUNYE UDABA:Kushone 6 wabantu kungqubuzana amatekisi

UVadi uqhubeke wathi amatekisi asebenza ngaphansi kwenhlangano iNanduwe emarenki amahlanu aseSoweto kanye nokusebenzisa le mizila ebivaliwe kusavaliwe ngenxa yokuthi amalungu ale nhlangano anqabile ukusayina isivumelwano nabe-Wata sokusebenza ngokuthula.

Uthe abe-Wata bavumile ukukhipha onogada babo abebeqaphe isimo kule mizila kanye nasemarenki futhi bazinikela ekuqedeni udlame lwamatekisi.

African News Agency (ANA)

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.