Ashaye ungqimphothwe amawele odumo lwama-Idols ngolukamfundisi osolwa ngawocansi

2018-01-29 19:25

Durban - Asejike inkulumo amawele aduma ohlelweni lokuvundulula ikhono lokucula ama-Idols SA ngo-2013, uNeliswa no-Anelisiwe Mxakaza mayelana nokweseka umfundisi oboshiwe uTimothy Omotoso webandla iDominion International Church.

Lo mfundisi, 58, ongowukudabuka eNigeria waboshelwa uhide lwamacala okubalwa kuwo ukushushumbisa abantu, ukunukubeza ngokocansi amantombazane ayewayengela emzini wakhe osendaweni yezinjinga eMhlanga, enyakatho yeTheku.

La mawele, 22, akhiphe isitatimende ngoMsombuluko (namhlanje) acela uxolo ngokweseka lo mfundisi osehlukumeze abantu besimame abaningi. La mawele athi konke lokhu ayekwenza ephoqiwe.

"Sithanda ukuxolisa kakhulu kubona bonke abantu besifazane bakuleli njengoba kwavela sengathi seseka umfundisi uTimothy Omotoso ngesikhathi kuvela izinsolo zokudlwengula nokunukubeza ngokocansi. Sithanda ukuxolisa nakulabo ababa yizisulu, siyazazi zonke futhi besizithatha njengodadewethu benyama.

OLUNYE UDABA: Liphinde lahlehliswa elomfundisi wokufika osolwa ngawocansi

"Kwathi uma ziphumela obala saphoqwa ukuba sitshengise ukweseka umfundisi u-Omotoso, saze sayalelwa ukuba sixoxe nabezindaba sizwakalisa ukuthi siyamvikela u-Omotoso kulezi zinsolo ezazivela ngaye," kuqhuba isitatimende.

Imemenja yamawele uSandile Makhubela utshele iZindaba24 ukuthi la mawele akhethe ukuphumela obala manje ngoba abesekhathele ukuphila le mpilo.

"Bese bekhathele futhi bese bezizwela bekulungele ukukhuluma ngalolu daba. Kungenzeka ukuthi bathole umuntu abazobhodla kuye wase ebaluleka ngokuthi baphumele obala neqiniso.

"Lezi zingane ziphuma ebunzimeni obukhulu njengoba zithi kwesinye isikhathi bezibhala kuFacebook zikhala mi izinyembezi ngoba bezisuke ziphoqiwe ukuveza u-Omotoso njengesisulu kulolu daba," kusho uMakhubela.

Uthi le nto ijule kakhulu kunokuqonda kwabantu.

U-Omotoso uvele enkantolo namhlanje icala lahlehliselwa uMashi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.