Ashiye angalazi amakhasimende kaMTN ‘adlelwe’ ama-data ne-airtime

2017-01-20 18:01

Johannesburg – Amakhasimende enkampani yezokuxhumana, uMTN, aseshiye angalazi kule nkampani ngenxa yokuthola ama-bill ezimali ezinkulu ngemuva kokuthi le nkampani ixwayise ngokuthi amakhasimende azophelelwa ama-data.

Phambilini kuleli sonto, uMTN uthe isizathu sokuthola ama-bill amakhulu okusebenzisa amaselula kanye nokuphela kwama-data kungaba ngenxa yokushintshela kwiselula enobuchwepheshe besimanje, i-smartphone, ukuqala kokusetshenziswa kwe-4G kanye nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana.

Kodwa-ke noma kunjalo abafundi beFin24 bakhwele badilika kule nkampani yezokuxhumana, bathi uMTN “usemkhankasweni wokuqola” amakhasimende awo.

OLUNYE UDABA: U-Cell C ukhale ngerandi unyusa ama-data

“UMTN ubulukhu uqola umphakathi eminyakeni engu-20 eyedlule. Awusoze waba nesicelo solwazi esiyimpumelelo. U-Icasa awunamazinyo futhi awenzi lutho ngezingcingo ezinqamukayo zaMTN kanye nokubizwa imali ngokwedlulele,” kusho umfundi weFIN24, uJohn.

“UMTN yiqulu lezigelekeqe, ama-data eselula awasasebenzi, ngifake i-airtime ka-R50. Ngifone u-30 seconds, ngokuphazima kweso [sekuphele i-airtime]. Okukuqala ngacabanga ukuthi mhlawumbe yifoni yami, kwaze kwaba abantu abaningi baqala ukukhononda ngezinkinga ezifanayo,” kusho uTiphany, engeza ngokuthi uhluleka nawukubala ukuthi bangaki abantu abakhala ngenkinga efanayo.

“Abaqambi manga nezigebengu (uMTN)… I-CEO ithola amabhonasi amakhulu bese benquma ukunqamula ukusebenza kwama-data,” kusho uSean.

“UMTN uqola abantu futhi ngoba bayazi ukuthi abantu angeke bakwenze into enkulu, bayaqhubeka. Ngilahlekelwe uR400 ngesonto, hlanganisa nezigidi zabantu ezilahlekelwa ama-data… ucabanga ukuhti yimalini asebeyenzile ngemisebenzi abangayenzanga?” kusho omunye umfundi weFin24, uStacie.

Kodwa-ke uMTN uthi uwalulekile amakhasimende ukuthi acofe u-*141*1*7852#, noma avakashe ezitolo zakwaMTN. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.