Asikaze sishade noMbongeni Ngema kusho - Mroza

2016-07-15 12:33

Durban - Umethuli wezinhlelo emsakazweni UKhozi FM, uNomhlanhla Buthelezi, usivulele isifuba ngobudlelwane bakhe obungazange buphemelele nombhali wodumo kuleli uMbongeni Ngema.

Lezi zithandani zathembisana umshado ngo-2011 kodwa uNomhlanhla odume ngelikaMroza emsakazweni uthi wonke umuntu ucabanga ukuthi bashadile.

OLUNYE UDABA: Sengivuleke amehlo manje-Mroza

UMroza wangena esithenjini noMbongeni sekulindeleke ukuba abe ngunkosikazi wesine empilweni yalo mbhali.

Lo msakazi ekhuluma nabephephabhuku iMove uthe, kudala wayecabanga ukuthi kuzobamnandi esithenjini nakuba umndeni wakhe waungahambisani nesithembu.

Yize ebengafuni ukudalula isizathu okuyiso esenza ukuba behlukane uMroza uqinisekise ukuthi akasazwani namuntu manje.

"Anginawo amandla okukhuluma ngalobu budlelwane njengamanje," usho njalo etshela abeMove.

Kwaba nemibiko yokuthi zazingahambi kahle izinto ngo-2014, imbiko eyayithi uMroza wabona ukuthi akakakulungeli ukuba ngunkosikazi wesine.

Ngo-2014 iDaily Sun yabika ukuthi lo DJ uyabungabaza lobu budlelwane.

"Engingakusho nje ukuthi ngangingaboni kodwa manje sengiyabona. Sengikhulile futhi ngifundile emaphutheni ami. Sengingakwazi nokusiza abanye abantu besifazane abangase bazithole esimeni esifana nesami."

Kukholakala sengathi laba bobabili sebazilungisa izinto phakathi kwabo kodwa uMroza uthe akasazwani namuntu.

UMbongeni akatholakalanga ephawula ngalobu budlelwane.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.