Asisayidingi i-ANC uma seyenzisa okukahulumeni wobandlulullo - Makhosi Khoza

2017-08-18 09:33

Cape Town – ILungu le-ANC ePhalamende uMakhosi Khoza ngoLwesine ebusuku lithe sekuyisikhathi sokuba izwe lidlule eqenjini elibusayo, ngemuva kwesikhashana nje esusiwe njengoSihlalo wekomidi lezemisebenzi yomphakathi.

"Esikudingayo kuleli zwe manje ukuthi sithi siyabonga ANC ngokwenzile, kodwa kwakungewena wedwa emzabalazweni…Asisayidingi i-ANC uma seyenza lokho okwakwenziwa uhulumeni wobandlululo,” kusho uKhoza.

"Ngicabanga ukuthi iNingizimu Afrika manje isingena kwesinye isigaba somzabalazo. Isigaba esilandelayo esokwenza izinto ngokoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika. Kumele siwuvikele [uMthethosisekelo]; kuzomele manje sakhe izwe.”

UKhoza ubekhuluma kwiRuth First Memorial roundtable on Dissent eWits University.

Ubejoyinwe yilungu le-DA esiShayamthetho saseKZN uMbali Ntuli, uThandeka Gqubule we-SABC 8 kanye nomhlaziyi wezepolitiki uRaymond Suttner.

OLUNYE UDABA: UMaNtuli- Zuma uselindele isiphetho ngezinsolo zokudlisa umyeni wakhe

UKhoza, odume ngokugxeka kwakhe uMengameli Jacob Zuma, uthe ayisekho i-ANC ayijoyina yena. “Sekulandelwa igama nje kuphela.”

Esitatimendeni ngoLwesine ntambama, i-ANC isuse uKhoza njengoSihlalo wekomidi lezemisebenzi yomphakathi ngenxa yokuthi “akusekho ukwethembana”.

Lokhu kungemuva kokuba amaLungu amahlanu e-ANC ePhalamende edube umhlangano wekomidi ngoLwesibili ntambama, ekhala ngokuthi uKhoza wephule umthetho we-ANC wokuziphatha.

UNobhala Jikelele we-ANC uGwede Mantashe utshele i-eNCA ukuthi uKhoza ususwe esikhundleni sakhe ngoba edelele amalungu ekomidi.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.