'Asivoteli umfundisi', kusho abe-Cosatu beseka uRamaphosa

2017-09-04 19:30

Johannesburg - ICosatu ayinamsebenzi nomjolo weSekela likaMengameli uCyril Ramaphosa, ngoba i-ANC ayikhethi umfundisi, kusho okhulumela le nyunyana uSizwe Pamla.

"Asiphili emphakathini wamakholwa. Abanye abantu banemikhuba yabo yokuzithokozisa," kusho uPamla.

USotswebhu we-ANC uJackson Mthembu naye usho okufanayo ngokuthi abafuni ukukhetha "ungcwelengcwele" njengomengameli we-ANC, wathi ukuba bebefuna ukwenza njalo bebezolanda uPhapha.

OLUNYE UDABA:I-DA izofaka isicelo sokusondeza ukhetho ePhalamende

UPamla uthi bameseka uMengameli uJacob Zuma enkomfeni yasePolokwane yize enesithembu.

Laba bebephendula umbiko okhishwe yiphephandaba i-Sunday Independent. Leli phepha liveze ukuthi linama-email atshengisa ukuthi uRamaphosa unomakhwapheni abayisishiyagalombili.

Omunye walaba besifazane owenza i-PhD ufuna ukuthatha izinyathelo zomthetho ngemuva kokuba kudalulwe ukuthi ungomunye wabesifazane asebeke bajola noRamaphosa.

Lona wesifazane oyilungu le-ANC ngaphansi kwegatsha iSefako Makgatho, uthe lezi zindaba uzithole ngezithombe zabesifazane okuthiwa bajola noRamaphosa ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana, ngokusho kwesitatimende segatsha.

"Kwesinye sezithombe, omunye wabesifazane oyilungu  legatsha lethu, uNonhlanhla Radebe, ufike kuthina wazofuna izeluleko zomthetho ngendlela angabhekana ngayo nodaba lokuthi ‘ujola uRamaphosa’," kusho igatsha esitatimendeni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.