Asolana ngokuthengelana izinkabi amakhansela aseNelson Mandela Bay

2017-07-25 18:04

Port Elizabeth –Amakhansela amabili akuMasipala waseNelson Mandela Bay akuqinisekisile ukuthi aseke asatshiswa ngokubulawa, lokhu kuvezwe yiMeya yakulo masipala u-Athol Trollip ngoLwesibili.

UTrollip uveze lokhu esithangamini sabezindaa ethi uSotswebhu walo mkhandlu uWerner Senekal, kanye nekhansela elingaphansi kwekomidi lemigwaqo nezokuthutha uRano Kayser, bathola izinsongo zokufa ngesonto eledlule.

“Yize ngingeke ngiveze yonke imininingwano, esikutholile wukuthi kunabantu abathengiwe ukuze bezosoconga la makhansela. Lokhu kusho ukuthi kunenkabi eqashiwe noma ithimba lezinkabi,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Zibingelelwe ngenhlamvu izinkabi ziyohlasela eMsinga

Womabili la makhansela abekhona kulesi sithangami kodwa womabili awafunanga ukuphumela obala ngalolu daba.

UKayser uthe bobabili benoSenekal bathola imiqhafazo ebasabisayo ngosuku olufanayo ngesonto eledlule.

“Sithole ama-SMS athusayo futhi kuyabonakala ukuthi awangempela kodwa ngeke sikwazi ukwenaba ngalolu daba okwamanje ngoba lusezithebeni zamaphoyisa njengoba eqhuba uphenyo,” kusho uSenekal.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.