I-Australia izophuthuma izicelo ze-visa zabalimi bakuleli abamhlophe

2018-03-15 09:29

eGoli-  UMnyango wezokuXhumana kwaMazwe uthi amaqembu afana ne-AfriForum kumele ayeke ukuthusa abantu ngodaba lokubuyiswa kwemihlaba.

Lokhu kulandela isimemezelo esivela kwelase-Australia sokuphuthuma izicelo ze-visa zabalimi bakuleli abamhlophe.

Lesi siphakamiso sisheshe sanqandwa ngelakuleli ngemuva kokuba uSomlomo walo kahulumeni eveza ukuthi abekho abantu baseNingizimu Afrika abasengcupheni.

UNdivhuwo Mabaya okhulumela uhulumeni utshele abeBBC ukuth: "Akekho umuntu okumele abe nokwesaba noma ukuthuka. Ukubuyiswa komhlaba wuhlelo oluzolandelwa ngokuhambisana nomthetho."

OLUNYE UDABA: I-Afriforum ivulele icala uMalema nabanye abaholi ngolwakwa-H&M

UNgqongqoshe wezaseKhaya e-Australia uPeter Dutton uthe iNingizimu Afrika idinga "ukunakwa ngokukhethekile" uma kwamukelwa abadinga ukubhaciswa kuleliya lizwe.

"Uma ubuka ama-video, ulalela izindaba ezivela khona futhi ufunda nemibiko yakhona, babhekene nesimo esinzima kakhulu," kusho uDutton etshela abeDaily Telegraph ngoLwesithathu.

UDutton uthe kukhona isimemezelo okumele senziwe kungekudala.

"Okwamanje sisabheka ukuthi yini engenziwa ukulekelela kodwa kuzokwenziwa isimemezelo kungekudala,"kuqhubeka yena.

ISekela likaMphathi-Jikelele we-AfriForum u-Alana Bailey ubhale kwi-webhusayithi yabo ukuthi lokhu okushiwe wuDutton kumele kube wuphawu lokuqwashisa uhulumeni wakuleli.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.