Avele enkantolo amadoda amabili ngecala lokweba imfuyo

2017-08-11 07:01

Taung - Amadoda amabili aboshelwe ukweba imfuto endaweni yaseDryharts ngaseTaung.

Lokhu kuvezwe ngamaphoyisa aseNorth West ngoLwesine kanti uBrigadier Sabata Mokgwabone uthi amaphoyisa asePudimoe abambe laba basolwa ngoLwesithathu.

Amaphoyisa athi abasolwa baboshwe ngemuva kokuthi belunywe indlebe ngabasolwa abeba izinkomo ngeloli endaweni yaseDryharts.

OLUNYE UDABA:Bayavela abasolwa ngokweba imfuyo eLimpopo

"Ngesikhathi amaphoyisa afika, abasolwa babanjwe nezinkomo ezinhlanu. Laba baboshwe ngemuva kokuhluleka ukukhipha ubufakazi bokuthi zingezabo izinkomo." 

Ngesikhathi amaphoyisa aqhubeka nophenyo, kutholakale ukuthi lezi zinkomo zebiwe endaweni yase-Amalia futhi beselivuliwe icala.

Umnikazi wezinkomo uzifikele mathupha ukuzokhomba imfuyo yakhe.

Laba basolwa abaneminyaka engu-25 no-29 ubudala bavele enkantolo yaseTaung.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.