North West - Amadoda ayisikhombisa avele enkantolo kaMantshi eKlerksdorp
ngokubulala iphoyisa.
UConstable Baliki Mogapi, 33, wadutshulwa wabulawa ngemuva
kokuthi yena nozakwabo behambele indawo lapho kuqhunyiswe khona i-ATM eHartbeesfontein.
"Kuthiwa iqoqo lamadoda angu-8 abehlomile abezama ukugebenga i-ATM
ngesikhathi kufika amaphoyisa amabili besondela evenini abecabanga ukuthi
eyonogada,”kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.
OLUNYE UDABA:Kulimale abasolwa abathathu kudutshulwana noKlebe
"Lamaphoyisa asondele kowesilisa obekasevenini abecabanga ukuthi unogada
kanti lo mlisa uzovulela ngenhlamvu. Kudubuleke iphoyisa elilodwa, leli elinye
likwazile ukuphuma evenini yamaphoyisa labaleka.”
OKlebe baphuma umkhankaso wokuthungatha ababulali
nokuyisenzo esiholele ekuboshweni kwalawa madoda ayisikhombisa, kubika
iSABCNews.