Avelile enkantolo ‘amabhoklolo ashaya’ umfundi esikoleni eKZN

2016-07-18 19:00

Durban – Amantombazane amahlanu afunda esikoleni samabanga aphakeme, abekwe icala lokushaya uzakwabo endlini yangasese yesikole, azama ukululungisela ngaphandle kwenkantolo lolu daba.

Lokhu kuzwakale ngesikhathi la mantombazane evele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine, kubika iDaily News.

La mantombazane, aphakathi kweminyaka engu-16 no-18 ubudala, abekwa amacala ngemuva kokuthi abazali besisulu, 15, bavula icala emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Amabhoklolo athi akawuchame awuphuze

Le ntombazane eyisisulu kuthiwa yashaywa yaze yaquleka ngoba isolwa ngokuqabula isoka lenye yala mantombazane angabasolwa.

Lesi sigameko sangomhlaka-1 Juni saqoshwa ngomakhalekhukhwini sase sisatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.

Amantombazane amabili amadala angaphandle ngesexwayiso kanti lawa amanye amancane adedelelwe ezandleni zabazali.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.