Awasebenzi amakhamera emigwaqeni yaseGoli, kodwa akhona amaphoyisa

2017-08-19 12:00

Durban - UMkhandlu wedolobha laseGoli uthi kulawa madonto amathathu azayo kuzokhishwa ithenda entsha yokufakwa kwamakhamera aqapha isivinini emgwaqeni.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi ubuholi obusha balo masipala obuphethwe yiqembu le-DA linqamule inkontileka nabaphaki bemisebenzi abahlanu ngoba bengafuni ukuqhubeka nezinkontileka ezagunyazwa yiqembu le-ANC.

I-Moneyweb ibika ukuthi izinkampani ezimisiwe ukusebenza kubalwa kuzo i-TMT Services, Syntell kanye ne-MVS Phumelelo, okuyizona ebezenza umsebenzi wokulawula lawa makhamera.

OLUNYE UDABA:Kuzofakwa amakhamera ehhostela elidume ngodlame

Kuthiwa leli dolobha belikhipha izinhlawulo ezilinganiselwa ku-500 000 ngenyanga, likoleka imali elinganiselwa ku-R30 million-R35 millionngenyanga ngamathikithi amakhamera. Kodwa kuthiwa leli nani selehle kakhulu njengoba kuqedwe lezi zinkontileka.

NgoLwesine uWayne Minnaar okhulumela umnyango wamaphoyisa omgwaqo kulo masipala uthe: "Kutshalwe amaphoyisa omgwaqo ezindaweni eziningi lapho bekusebenza khona amakhamera. Umkhandlu usakumisile ukusetshenziswa kwamakhamera okwamanje."


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.