Awezepolitiki akhala ngokushona kowe-ANC eKZN

2017-09-05 07:23

Durban - Akasekho emhlabeni lowo owayengunobhala jikelele we-African National Congress Youth League (ANCYL) uSindiso Magaqa kulandela isigameko sokudutshulwa ngoJulayi, kusho i-ANC ngoMsombuluko.

I-ANC ithi idumele ngokuthola izindaba zokudlula emhlabeni kweqabane elingenavalo. Yabe isikhalisana nomndeni nabangani bakhe umufi.

UMagaqa wadutshulwa kanye namanye amakhansela amabili e-ANC ngoJulayi esitolo sendawo eMzimkhulu, eningizimu yeTheku.

I-Economic Freedom Fighters nayo ikhalisane nomndeni kaMagaqa kanye nabangani bakhe, yathi ukubulawa kwakhe kuhlobene nezepolitiki.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu abang-8 abashaywe ngumbani

Imchaze njengomuntu obefuna ukubona inkululeko yezomnotho esaphila.

INational Freedom Party (NFP) ithe ikhathazekile ngokubulalana okuhlobene nezepolitiki okwenzeka KwaZulu-Natal, yabe isikhalisana nomndeni kanye nabangani baMagaqa.

UMagaqa wayengunobhala we-ANCYL ngesikhathi isiholwa nguJulius Malema ngaphambi kokuba lolu phiko luhlakazwe ngo-2012.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.