Awukho umdlalo omkhulu ongadlula esizowudlala neBarca - Mosimane

2018-05-06 15:34

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi awukho umdlalo omkhulu oyodlula lowo obazowudlala ne-FC Barcelona.

ISundowns kulindeleke ukuba isingathe lezi zinkunzi okwesibili kuleli emdlalweni wobungani e-FNB Stadium ngomhlaka-16 Meyi, ngemuva kwezinsuku ezine kuzobe kuvalwe isizini ye-Absa Premiership.

AmaBrazilians agcina ukudlala nalabo shampeni beLaLiga ngo-2007, emdlalweni owaphela ngo-2-1 eLoftus Versfeld, kanti igoli lafakwa nguSurprise Moriri, kubika iKickOff.com.

UMosimane ukholelwa ekutheni lo mdlalo kuzoba yindlela enhle yokuvalelisa inkakha yeBarca u-Andres Iniesta, okulindeleke ukuba ashiye le kilabhu ekupheleni kwesizini.

"Awukho umdlalo oyoba mkhulu ukudlula lo," kusho uMosimane.

"Ungasho ukuthi iReal Madrid yiyo enkulukazi, kepha okwamanje sidlala neBarcelona. Yebo, ngaleso sikhathi [ngo-2007] kwakunguRonaldinho owayeyisiqongqwane.

"Kepha manje sino-[Luis] Saurez no-Iniesta abazobe bedlala kulo mdlalo, umdlalo wokugcina ka-Iniesta uma ngingaphazami.

"Ngicabanga ukuthi lo kuzoba ngumdlalo ozovusa imizwa futhi kuzonikeza nabafana bami ithuba lokuba abacobelele ngolwazi," esho.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Trainee Accountant

Cape Town
Certified Master Auditors (South Africa) Inc.
R5 000.00 - R15 000.00 Per Month

Learnership for People Living with a Disability

Western Cape
Isilumko Staffing (CPT)
R4 500.00 - R5 000.00 Per Month

Trauma/Emergency RN

Cape Town
Mass Staffing Projects
R300 000.00 - R400 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.