‘Awungiyeke phansi, siqhwaga’ – uDlamini etshela uGordhan

2017-04-07 12:31

Johannesburg – Kuyaqhubeka ukungaboni ngaso linye kanye nokujikijelana ngamazwi phakathi kukaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uBathabile Dlamini kanye nalowo obenguNgqongqoshe wezeziMali osanda kuxoshwa, uPravin Gordhan.

UDlamini akachithanga sikhathi ukuthi aphendule uGordhan ngemuva kokuthi eye wamgxeka (uGordhan) enkonzweni yesikhumbuzo yeqhawe lomzabalazo le-ANC elisanda kudlula emhlabeni, u-Ahmed Kathrada.

“Uyakujabulela ukuhlukumeza abanye abantu, uyakujabulela ukujezisa abantu; uyakujabulela ukusabisa abanye abantu. Yinto azijabulisa ngayo. Ufuna ukulandelwa yiwo wonke umuntu. Uzizwa ewumuntu obaluleke kakhulu. Ucabanga ukuthi mukhulu ukwedlula wonke umuntu emhlabeni,” uDlamini, obethukuthele eveva, utshele iNews24.

OLUNYE UDABA: #KathradaMemorial: Ipolitiki nokwethembeka akuhambisani – Pravin Gordhan

Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe kule nkonzo yesikhumbuzo, uGordhan uthe uDlamini akakwazanga ukuzehlisa ukuze avume amaphutha akhe ngenzukayikeyi yokuholelwa kwemali yesibonelelo.

Ngaphandle kokumbiza ngegama uDlamini, uGordhan usho sakugwegweza ukuthi njengomholi, uDlamini kufanele ayeke ukulokhu ehubhuza amanga bese evuma ukuthi wenze iphutha.

Uphinde wavikela nesikhulu sakwa-South African Social Security Agency (Sassa), uThakozani Magwaza, wathi akuyena okumele agxekwe ngokudala itwetwe kubantu bakuleli abangu-17 million abahola imali yesibonelelo.

“Umuntu kumele abe nokuzehlisa, isibindi kanye nomuzwa wokuzisola," kusho uGordhan.

Kodwa-ke uDlamini kumcasule kakhulu lokhu kugxekwa, wabuza ukuthi kungani uGordhan eqhamuka esezokhuluma manje, ngemuva kokuxoshwa uMengameli Jacob Zuma. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.