Ayengenacala amadoda amane abulawa umphakathi

2016-05-11 14:27

Cape Town – Imiphumela yabacwaningi basemaphuyiseni iveze ngokusobala ukuthi amadoda amane abulawa umphakathi ngezinsolo zokudlwengula ayengenalo icala.

NgoLwesibili amaphoyisa abophe owesilisa ngamacala angu-23 okudlwengula kanti lama calala ahlanganisa lawa awabalisa abane ababulawa umphakathi ngenxa yezinsolo.

Ukuboshwa kwalo mlisa ona-33 ubudala kwenzeke ngemuva komsebenzi onzima othathe iminyaka emihlanu. Lo mlisa kuthiwa uyathinteka kuwo wonke amacala okudlwengula.

Kuthiwa useneminyaka ewenza lamacala kanti izisulu zakhe eziningi ziphakathi kweminyaka engu-18 no-28. Amacala amaningi wawenza emalokishini aseDelft, eKhayelitsha kanye naseRwexana.

OLUNYE UDABA:Ubanjwe namaphenti obezama ukudlwengula

Amaphoyisa ake aphosa amadoda amabili imibuzo mayelana namacala enzeka eRwexana, kodwa kwatholakala ukuthi awathinteki kulokhu.

Lawa madoda kanye namanye amabili ayesolwa umphakathi ngalokhu abulawa amalunga omphakathi.

“Sekuqinisekiswe ukuthi wonke lamadoda amane abulawa ayengathinteki kulawa macala njengokusho komphakathi. Amaphoyisa ayakugxeka ukubulawa kwabantu abangenacala emphakathini,”kusho okhulumela amaphoyisa.

-Cape Times

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.