Ayikakatholakali indoda 'eyabulawelwa ukweba amawolintshi'

2017-08-17 18:00

Rustenburg - Amaphoyisa namanje asafuna indoda eneminyaka engu-24 ubudala okusolwa ukuthi yadutshulwa yabulawa wumnikazi wepulazi ngezinsolo zokweba amawolintshi eMajakaneng, eNorth West.

"Sisakule ndawo namanje, siphenya icala lokuduka komuntu nelokuzama ukubulala," kusho okhulumela amaphoyisa, uColonel Sabata Mokgwabone ngoLwesine.

Kwaqubuka udlame ngeSonto nangoMsombuluko ntambama kule ndawo ngemuva kokuba umphakathi ukade uhambele epulazini okusolakala ukuthi uTebogo Ndlovu wabulawelwa kulo ngomhlaka-2 Agasti.

OLUNYE UDABA:Usehlonziwe umfana 'obulawele imbali'

Umphakathi usola ukuthi uNdlovu wayehamba namanye amadoda amabili ngesikhathi umnikazi wepulazi evulela ngenhlamvu ebhekise kubo. Amadoda amabili avula icala emaphoyiseni ngoLwesihlanu lwangomhlaka-11 Agasti.

NgoLwesibile ekuseni, ngomhlaka-15 Agasti, kokhelwa ngomlilo izimoto ezimbili ku-N4 eduzane naseRustenburg, ababhikishi baphinde bajikijela ngamatshe izimoto ezidlulayo.

Ngesikhathi uMokgwabone ebuzwa ukuthi ngabe udlame lumayelana nokudlula emhlabeni kukaNdlovu, uthe: "Umphakathi yiwo ongachaza kangcono ukuthi ukwenzelani lokhu okwenzayo."

Akukaboshwa muntu selokhu kwenzeka isigameko.

UMokgwabone uthe isimo sizinzile kusukela ngoLwesibili ntambama, kodwa imigwaqo u-N4, uR102 noR566 isavaliwe.

Abashayeli banxuswa ukuba basebenzise uR511 noR512.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.