"Ayikakhuli induku yami"

2016-07-20 12:31

Johannesburg - UZolani Krwala oneminyaka engu-42 ubudala unamahloni "ngenduku" yakhe encane kwathi ebona isikhangiso emasontweni amabili wangapholisa maseko.

Lesi sikhangiso sasithi kunesangoma esingakwazi ukumsiza ngethuluzi lakhe elincane.

OLUNYE UDABA: Kumbhedele obezama ukukhulisa "induku"

Kodwa manje uKrwala uselahlekelwe yimali engango-R2 000 kanti "nenduku" yakhe isencane-khonamanjalo kunehhashi elisegcekeni lakwakhe elinednuku enkulu.

UKrwala waseMpindweni eMthatha uthi wakhokhela isangoma imali engu-R2 000 ukuze sizokukhulisa "induku" yakhe futhi abewuqanduqandu ebhedeni.

"Isangoma sangitshela ukuthi ngingakhathazeki. Sathi kuzofika umfana omfishane oneziboya emzini wami ebusuku afike awotawote "induku" yami ngezandla zakhe ezingcwele.

"Wathi uma esefikile lo mfana ebusuku ngizoyibona imiphumela.

"Lo mfana akakaze afike azongiwotawota kodwa kwafika ihhashi elimnyama emzini wami," usho njalo.

"Angikwazi ngisho nokushayela ucingo lesi sangoma ngifuna incazelo ngoba ucingo lwaso luvaliwe kanti futhi nala esasisebenzela khona asisabonwa."

UKrwala uthe sekuphele izinsuku ezimbili leli hhashi limile egcekeni, kubika iDaily Sun.

"Uma ngizama ukulixosha livele lime nje.

"Intombi yami yaze yangithandazela kodwa leli hhashi linenkani."

Isangoma ugogo Nkanyezi waseGxulu uthe: "UKrwala kufanele eze kimi azogezwa."

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.