Ayikho incwadi egunyaza ukuboshwa kukaGrace Mugabe ekhishiwe

2017-08-16 14:00

Johannesburg - Amaphoyisa athi ayikho incwadi egunyaza ukuboshwa kukankosikazi kaMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, uGrace Mugabe, ekhishiwe.

UMugabe uhlulekile ukufika esiteshini samaphoyisa aseSandton enyakatho yeGoli lapho obekulindeleke ukuba azinikele kuso.

Uphinde wangavela enkantolo njengombiko kaNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula.

OLUNYE UDABA:Akucaci kahle ukuthi ukuphi umka Mugabe ofunwa ngelokushaya

UMugabe usolwa ngokuhlasela uGabriella Engels, 20, ngentambo kagesi ehhotela eliseSandton ngeSonto. Selokhu kwenzeke isigameko u-Engels uvulele uMugabe icala lokushaya.

UVish Naidoo, okhulumela amaphoyisa kazwelonke ekhuluma kwi-AM Live uthe: "Cha, ayikho incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe ekhishiwe. Asikho isicelo sencwadi egunyaza ukuboshwa esifakiwe, njengoba ngikhuluma nje.

Ebuzwa ngokungabonakali kukaGrace ngoLwesibili enkantolo njengoba beklulindelekile, uthe: "Yebo, uqinisile. Ngezithuba zabo-10:00 umsolwa bekufanele azinikele emaphoyiseni. Leso bekuyisivumelwano ezingxoxweni ebezikhona kodwa lokho akwenzekanga."

 - TWITTER:

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.