Ayikho indawo yababulali ku-ANC - Mkhize

2017-09-17 13:34

Umzimkhulu – Ayikho indawo yababulali kanye nezigebengu ku-ANC, kusho uMgcinimafa wenhlangano uZweli Mkhize ngoMgqibelo.

"Asikwazi ukuthi singalahlekelwa amaqabane ngale ndlela futhi iminwe iphinde ikhombe i-ANC. Kumele yonke into ihlale obala kuvezwe abenzi bokubi ukuze sithole ukuthi ikuphi inkinga. Kumele siqinisekise ukuthi asilahlekelwa amaqabane ngenxa yabantu abasebenzela izisu zabo,” esho.

UMkhize ubekhuluma emngcwabeni kalowo owayengunobhala we-ANCYL, uSindiso Magaqa.

UMagaqa ushonele esibhedlela esiseThekwini ngoMsombuluko owedlule kulandela ukudutshulwa ngomhlaka-13 Julayi ebuya emhlanganweni we-ANC eMzimkhulu.

Wayenamakhansela amabili esifazane ngesikhathi behlaselwa abantu abangaziwa e-Ibisi, okuyindawo eseduze kwakubo kaMagaqa.

OLUNYE UDABA: Umngani kaMagaqa ugeqe amagula emngcwabeni

Abaningi bakholelwa ekutheni wasocongwa ngoba ezama ukuveza obala inkohlakalo eyenzeka kuMasipala waseMzimkhulu, lapho ebeyikhansela khona.

UMkhize uphinde wagxeka “idlela esabekayo” amanye amalungu e-ANC asevikelwa ngayo kulezi zinsuku.

“Ngisho nabantu abajwayelekile nje abangezona izimeya noma ongqongqoshe sebenohide lonogada. Lokho kwenza izinto zibe zimbi kakhulu. Kumele sikulungise konke lokhu ukuze kuphele ukubulalana kwezombusazwe,” esho.

UMagaqa, 35, ungcwatshwe ngoMgqibelo kanti ushiya emhlabeni izingane zakhe ezine, unkosikazi nomama wakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.