Ayisavuki induku kamfundisi oselale nabazalwane abangu-21

2017-08-22 19:29

Mangaung - Umfundisi uthi lokhu okumehlele kutshengisa ukuthi uNkulunkulu uyamjezisa ngezono zakhe zokulala nabesimame basebandleni.

Lo mfundisi oneminyaka engu-48 ubudala, ongosawase-Phase 2, uthi uselale nabesimame abangu-21 basebandleni lakhe kanti manje induku yakhe ayisavuki.

Uthi ukholwa wukuthi uNkulunkulu ufuna ashintshe izindlela zakhe ayeke ukulala nabazalwane.

Lo mfundisi uthi ucela usizo kulabo abangakhipha leli dimoni elithanda ucansi kuyena.

OLUNYE UDABA:Umfundisi 'udlwengule' wakhulelisa ingane ekhubazekile

Uthi ngeke akwazi ukuveza igama lakhe emaphepheni ngoba akafuni amadoda ashade nalaba besimame ake alala nabo athole ngalokhu.

"Umkami washona eminyakeni emithathu eyedlule. Nginokumemela amalungu ekwaya emzini wami bese ngilala nawo. Inkinga yami idlange kakhulu ngesikhathi sengiqala ukulala nabesimame abaganile basebandleni uma becela umthandazo.

"Manje sengithole owesimame engifuna ukumthatha kodwa inkinga ukuthi induku yami ayisavuki," kusho umfundisi.

Uthi uyesaba ukuthi le ntombi yakhe entsha izomshiya ithole enye indoda ezoyenelisa.

Uthi usebuya kodokotela ngale nkinga kodwa bamtshela ukuthi unomdlandla omncane wocansi bamnika amaphilisi kodwa le nkinga kayipheli.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.