Ayithi vu i-ANC ngezizathu zokuketulwa kukaJacob Zuma

2018-02-15 14:01

Johannesburg - I-African National Congress (ANC) ayithi vu ngesizathu sokunquma ukususa uJacob Zuma esikhundleni.

Inhlangano ithe uma kunezinxushunxushu izobhekana nazo ngokuzidingida ngqo noZuma, ngaphandle kokubandakanya abezindaba.

Ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo phakathi kwabe-South African Broadcasting Corporation (SABC) noZuma ngoLwesithathu, uZuma ubelokhu esho njalo ukuthi ngesikhathi etshelwa ukuthi kumele ashenxe esikhundleni, akazange atshelwe ukuthi kungani.

UZuma uthe kuyaxaka ukuthi i-ANC ithi akehle esikhundleni kepha iyehluleka ukumtshela ukuthi yini le engaka ayonile.

"Ngenzeni?" kubuza uZuma.

Uqhube ngokuthi uma kungukuthi kukhona akwenzile, kungani pho kungalandelwa imigudu ekhona ngaphakathi kuKhongolose.

"Cha, angizange ngiyishaye indiva imiyalelo yenhlangano. Sekube nezinto eziningi ezenzekile nezikhulunyiwe. Mina bengingakalitholi ithuba lokuziphendulela ngenxa yokuthi ngikholelwa ekutheni izinto kumele zenzeke ngendlela ethize, hhayi ziphume kwabezindaba," esho ngoLwesithathu ntambama.

OLUNYE UDABA:IPhalamende lisalinde incwadi yokwesula kukaZuma

Owe-ANC uPule Mabe akafunanga ukuphawula mayelana nezizathu zokuketulwa kukaZuma.

"Bheka, simehlisile uZuma esikhundleni, usulile kanti ngokubuka kwethu lolu daba seluphothuliwe. Njengamanje simatasa ngokufungiswa kukamengamneli omusha wezwe.

"Angeke sisalokhu sikhuluma ngalo mbuzo sekuyisikhathi sokuqhubekela phambili."

UZuma umemezele ngoLwesithathu ebusuku ukuthi useyehla esikhundleni.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.