Ayiyi ndawo eka-90% womculo wakuleli - Motsoeneng

2016-05-17 12:30

Johannesburg – Isinqumo sokuthi iziteshi zomsakazo ezingaphansi kwe-SABC zidlale u-90% womculo wakuleli, ngeke simiswe ngemuva kwezinyanga ezintathu njengoba kushiwo.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu kwa-SABC uHlaudi Motsoeneng‚ othe kube nokudideka okukhona ngalesi sinqumo.

"Abantu bakhuluma ngezinyanga ezintathu, angazi leyo nto ivelaphi. Indaba ka-90% izokwenzeka kuze kuyovalwa,” kusho uMotsoeneng.

OLUNYE UDABA: I-SABC ixoshe abasebenzi abangu-123 ngawenkohlakalo

Uthe abantu abazange bamqonde umkhulumeli we-SABC uKaizer Kganyago ngesikhathi ethi lesi sinqumo sizobuyekezwa ngemuva kwezinyanga ezintathu.

"Ngemuva kwezinyanga ezintathu sizobe sibuyekeza umsebenzi owenziwe, hhayi ngoba sizokwenza izinguquko. U-90% womculo wakuleli awuyi ndawo.” Esho.

Usho kanje ekhuluma kwiThe New Age Business Breakfast, eSandton‚ wathi ukudlalwa kuka-90% womculo wakuleli kwenzelwa ukufukula abaculi bezwe lethu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.