‘Azidingeki izikibha nezingqwembe ezineziqubulo engqungqutheleni ye-ANC’

2017-06-21 18:01

Johannesburg – USekela Nobhala Jikelele we-ANC, uJessie Duarte, usexwayise izithunywa ezizohambela ingqungquthela yaleli qembu yenqubomgomo ngokuthi angeke baze bakubekezelele nakancane ukukhankaselwa kwabaholi ezobathandayo.

Le ngqungquthela izoba seNasrec, njengoba ziqhubeka izingxoxo ngozongena esikhundleni sobuMengameli nosekuhlukanise phakathi iqembu kwabakhankasela uSekela Mengameli uCyril Ramaphosa kanye nowayenguSihlalo we-African Union, uNkosazana Dlamini-Zuma.

Zombili lezi zinhlangothi kulindeleke ukuthi zisebenzise le ngqungquthela ukuthola ukwesekwa ngaphambi kwengqungquthela kazwelonke yokukhetha ubuholi ngoDisemba.

UDuarte utshele iNews24 ukuthi izingoma kanye neziqubulo ezeseka abaholi abathile angeke zivunyelwe.

OLUNYE UDABA: UMbalula akangazami ukuphatha i-ANCYL esesethuneni – Maine

“Akusiyo ingqungquthela lapho nizocula amaculo ngabanye, angeke size sizamukele izikibha ezineziqubulo kanye nezingqwembe ezineziqubulo. Lena kuzoba yindawo yenkulumompikiswano, uzovunyelwa ukukhuluma bese uba nomthelela kwabanye abantu,” usho kanje.

“Awukwazi ukukhetha ubuholi ngaphandle uma wazi ukuthi yini abazoyihola,” kuqhuba uDuarte.

Uthi leli qembu liyithathela phezulu le ngqungquthela njengoba lifuna ukuqeda ukwehla kokwesekwa kweqembu.

“Asikwazi ukuvumela leli zwe ukuthi liwele emuva ezandleni zalabo ababeliphethe ngahambilini,” usho kanje.

Uguquko olusheshayo kwezomnotho, izinga eliphezulu lokungasebenzi kanye nodaba lomhlaba, kulindeleke kube ngezinye zezihloko ezizoqubula inkulumompikiswano eshisayo kule ngqungquthela. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.