Azikho iziteleka zamatekisi ezihleliwe ngolwama-Quantum 'okwamanje'

2017-06-08 18:00

Durban – Angeke sibekhona isiteleka samatekisi "mayelana nokukhuphuka kwenani okuthengwa ngalo amatekisi ohlobo lwe-Toyota Quantum eThekwini okwamanje," kusho iSA National Taxi Council (Santaco) ngoLwesine.

ISantacao ibisabise ngokumisa yonke into ezweni uma aabakhiqizi bamatekisi ohlobo lwama-Toyota Qunatum bengaziphenduli izikhalo zabo ezinsukwini eziyisikhonbisa kusukela ngoLwesithathu olwedlule.

USihlalo weSantaco KwaZulu-Natal, uBoy Zondi, utshele iNews24 ukuthi abakwaTiyota babaphendulile kulandela isiteleka sosomatekisi sangesonto eledluleeThekwini, esadala isiminyamninya emigwaqeni emikhulu, osomatekisi belibangise enkampanini ekhiqiza izimoto zakwaToyota eProspecton, eSipingi.

OLUNYE UDABA: Kuphume isidumbu, kwalimala abaningi kushayisana amatekisi

Bebetelekele "ukukhuphuka kwenani lamatekisi okuthengiswa ngalo amatekisi ohlobo lwe-Toyota Quantum selokhu athulwa kuleli eminyakeni eyishumi eyedlule".

Ngesikhathi efika lawa matekisi kuleli, ayebiza u-R220 000 ekubeni ayakhiwa ngaphandle kodwa manje asebiza u-R450 000 ngaphambi kwenzalo nakuba esekhiqizwa kuleli, nokwenza le mboni ibone sengathi kudlalwa ngayo, kusho iSantaco.

Ngokwezibalo zale nhlangano, iToyota Quantum ibiza imali engaphezu kwengu-R1 million uma sekubalwa i-diphozithi, inzalo, umshwalenze nokunye.

UZondi uthe bafuna abakwaToyota balibeke ku-R350 000 inani lamatekisi ohlobo lweQuantum.

"Babuyelile kuthina kanti sisaphakathi kwezingxoxo. AbakwaToyota bahlele ukubamba umhlangano kanye nathi, ozobanjwa ngoLwesithathu," kusho uZondi.

Isiteleka sangoLwesithathu olwedlule sasingachazi ukuthi kumele kuvalwe inkampani ezweni, kodwa "Sasizama ukubeka iphuzu", kusho uZondi.

"Asisho ukuthi abakwaToyota abavale inkampani, asikwazi ukuphuca abantu abangaka isinkwa," kusho uZondi, eqhuba ngokuthi bazama ukubonisana nabakwaToyota.

UZondi ukuphikile ukuthi isiteleka samatekisi e-Orlando ngoLwesibili besihlobene nenani lwamatekisi ohlobo lwama-Quantum, njengoba abanye bezindaba bebebikile.

"Akusilo iqiniso ukuthi isiteleka saseGauteng besihlobene nesiteleka ebesinaso eThekwini. Bebelwela izizathu ezaziwa yibo kuphela," usho njalo.

UZondi ube esehlaeumbisela ukuthi, ngomhlaka-15 Juni, osomatekisi bangase bamashele emahhovisi e-SA Taxi Finance eGoli " ngokukhuphuka kwenani okuthengiswa kwamatekisi ohlobo lwe-Toyota Quantum".

Inews42 ikholwa wukuthi iSantaco ibambe umhlangano eGauteng kuleli sonto ngesiteleka esihleliwe.

"Okwamanje, sifaka isicelo sokuthola imvume yokubamba isiteleka esisemthethwni eGoli ngomhlaka-15 Juni," kuqhuba uZondi.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/World
 

Our top picks for doggo post of the week

All the best social media shared posts about our favourite furry friends!

 

Paws

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.