Azofungiswa namuhla amalungu amasha ePhalamende

2018-02-27 11:00

Cape Town - Kulindeleke ukuba iPhalamende lifungise idlanzana lamalungu amasha namhlanje (ngoLwesibili) kanjalo noDavid Mabuza njengeSekela likaMengameli wezwe.

Lokhu kuza ngemuva kwezinguquko ezenziwe uMengameli Cyril Ramaphosa kwiKhabhinethi ngoMsombuluko, okubalwa kuyo ubuso obujwayelekile kanjalo nobusha.

UMabuza, ozoba yiSekela likaMengameli ngemuva kokufungiswa ePhalamende, uzojoyinwa nguDkt Zweli Mkhize ozoba nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana, uNhlanhla Nene ozofungiswa njengoNgqongqoshe wezeziMali, uRegina Mahlaule njengoNgqongqoshe wezokuXhumana kwamaZwe.

U-Alvin Botes noPeggy Nkonyeni nabo bazofungiswa namuhla (ngoLwesibili).

OLUNYE UDABA:I-AfriForum yamukele ukuxoshwa kwababandakanyeka kwi-state capture kwikhabhinethi entsha

Izinguquko kwiKhabhinethi ezimenyezelwe nguRamaphosa ngoMsombuluko ebusuku zifike noguquko olukhulu njengoba uBheki Cele ebuyele kwesokuba nguNgqongqoshe wamaPhoyisa noDkt Blade Nzimande wangena kwesikaNgqongqoshe wezokuThutha.

Abanye ababuyiselwe kwiKhabhinethi nguNaledi Pandor osenguNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme, uNomvula Mokonyane ushintshelwe kwesikaNgqqongqoshe wezokuXhumana, noGwede Mantashe wafakwa kwesikaNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi.

Ukubekwa kukaBathabile Dlamini njengoNgqongqoshe wezabesiFazane, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma njengoNgqongqoshe ehhovisi likamengameli, noMalusi Gigaba njengoNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya kugxekwe kakhulu ngamaqembu aphikisayo.

Umholi we-DA uMusi Maimane ushayele uRamaphosa ihlombe ngesinqumo sokuxosha "izithenjwa zikaZuma", okubalwa kuzo uDes van Rooyen noDavid Mahlobo, kodwa waphakamisa imibuzo ngoGigaba noDlamini-Zuma.

I-African National Congress (ANC) iyamukele iKhabhinethi entsha yabongela noMabuza esikhundleni sakhe esisha sokuba yiSekela likaMengameli.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.