Azohlala avaliwe amathuna ase-17 eMlazi ngenxa yokusatshiswa kwabasebenzi

2017-02-06 08:02

Durban - Amathuna kaMasipala weTheku asehostela i-17 eMlazi azohlala avaliwe.

Lokhu kuvezwe oyiNhloko yezamaPaki, ezokuNgcebeleka kanye nezamaSiko uThembinkosi Ngcobo othe lawa mathuna azohlala evaliwe baze bathole isiqiniseko sokuthi ngeke bahlaselwe abasebenzi bakwaMasipala abasebenzela emathuneni.

UNgcobo utshele abeSOLEZWE ukuthi amalungu omphakathi asusa udweshu ethi afuna kuqashwe wona ngenkani kungaqashwa abantu bakwezinye izindawo.

"Akukho okushintshile ngamathuna ase-17, kumisiwe ukungcwatshwa kulawa mathuna. Kuvumeleke kuphela ukuvulwa kwamatshe.

"Sibe nemihlangano namaqembu ahlukene ngalolu daba kodwa akukho okuphumelelayo. Kunzima ngisho ukusika utshani nokulungisa amathuna ngenxa yalesi simo," kusho uNgcobo.

OLUNYE UDABA:Ukhombe amanye amathuna osolwa ngokuba ngumbulali waseKestell

UNgcobo uqhubeke wathi akulula ukunikeza abantu abakwi-wadi eyodwa umsebenzi futhi nomasipala ngeke ukwazi ukuqasha bonke abantu.

Lawa mathuna avalwa ngonyaka ka-2015 ngoba amalungu omphakathi ayehlomile agasela kule ndawo ahlasela abasebenzi bakamasipala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.