Azoqulwa ngoJulayi amacala abhekene noMcebo Dlamini

2018-03-02 17:59

Johannesburg  - Azoqulwa ngoJulayi amacala abhekene nowayenguMengameli wenhlangano yabafundi enyuvesi yaseWitwatersrand futhi eyisishoshovu esihamba phambili se-#FeesMustFall, uMcebo Dlamini.

UDlamini uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseGoli namuhla (ngoLwesihlanu) ngokubandakanyeka embhikishweni wezitshudeni i-#FeesMustFall ngo-2016.

Ukuqulwa kwamacala kuhlelelwe umhlaka-30 no-31 Julayi nonyaka.

UDlamini ekhuluma nezintatheli, ngemuva kokuvela enkantolo, uthe usekhululekile njengoba usuku lokuqulwa kwamacala selubekiwe.

OLUNYE UDABA:UMcebo Dlamini ubuyela enkantolo

"Sekunesikhathi eside sisho ukuthi uMbuso kufanele usilahle ngamacala uma kungukuthi kunjalo, kodwa uhluleka," esho.

UDlamini uthe uzomelwa ngu-Advocate Dali Mpofu.

"Sesilulungele usuku. Nginethemba lokuthi sizophuma phambili. Anginacala, uMbuso kuzomele ungithole nginecala."

Okhulumela iNational Prosecuting Authority, uPhindi Mjonondwane, uthe nabo bakulungele ukuqulwa kwaleli cala.

UDLamini waboshwa ngo-Okthoba 2016 wadedelwa ngebheyili yemali engu-R2 000 ngomhlaka-9 Novemba eNkantolo eNkulu eyayihlezi eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge.

Waboshelwa amacala amaningi okubalwa kuwo elokudala udlame emphakathini, ukweba, ukushaya nokucekela phansi impahla.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.