Durban - Kubaleke izikhulu zoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal
kwavalwa amahhovisi azo ngesikhathi kugasele amalunga eSouth African Democratic
Teachers' Union.
Le nyunyana ifike kula mahhovisi efuna kukhishwe isikhulu esisolwa
ngenkohlakalo.
Lesi sikhulu esisebenza ehhovisi lezisebenzi zomnyango
wezemfundo singabonwa kwazise kubikwa ukuthi sincinzwe indlebe kwathiwa
singalinge siwubeke umcondo waso emsebenzini ngoba kukhona okusina kusijeqeza.
Isekela likanobhala weSadtu eDurban South Region, uNkk Xoli
Msomi, lithi kwakhona ukuqashwa kwalesi sikhulu - esiligodlile igama laso -
ehhovisi lezezisebenzi zomnyango wezemfundo bekungekho emthethweni.
"Lo muntu uhlukumeza amalunga ethu, sesibonile ukuthi
ukufika kwakhe ehhovisi ubezolwa izimpi zakhe. Sibize umqondisi womkhandlu
wesifunda uMlazi samtshela ukuthi akukho okuzoqhubeka emahhovisi uma le ndoda
ingahambile lapha," kusho uNkk Msomi. Okunye okuvelile wukuthi kunezimali zothisha ezibanjwayo
ngenxa yaso lesi sikhulu kodwa ezingaziwa ukuthi zishonaphi.
Umthombo weLANGA
uthi okuningi obekungahambi kahle emahhovisi omnyango bekudalwa yisona lesi
sikhulu ngoba besinamandla.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi
Mthethwa, uthi lesi sikhulu ngeke sisasebenzela eTruro House ngenxa yolaka
lwezisebenzi zomnyango. U
thi okwamanje sizonikezwa umsebenzi wokubheka ukusebenza
kwemikhandlu yabazali ezikoleni. Utshele leli phephandaba ukuthi lesi sikhulu
besinikezwe umsebenzi wokubheka ukusebenza kothisha, sibagade kukhona konke
abakwenzayo kubalwa nokulova kwabo bese sikhipha isinqumo.