Babanjiwe abasolwa ngokweba izinkomo ezingu-20 eMpendle

2017-08-02 13:59

Durban - Amaphoyisa ophiko lweMpendle Stock Theft Unit aphume umkhankaso wokuthungatha abantu abasolwa ngokweba imfuyo kule ndawo.

La maphoyisa abophe abasolwa ababili abaneminyaka engu-19 no-20 ubudala ngemuva kokutholakala nezinkomo ezingu-14 ezebiwe.

Abasolwa babekwe icala lokweba imfuyo kanti kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseMpendle kungekudala.

Le mfuyo etholakale kubasolwa inikezelwe kumnikazi wayo ngemuva kokuba aqinisekise ngophawu lwezinkomo ukuthi zingezakhe.

OLUNYE UDABA:Uyavela osolwa ngokubulala izinkomo ezizulazula endaweni e-E Cape

Lezi zinkomo zebiwa ngomhlaka-19 Julayi 2017 emini epulazini eliseBoston.

Yize kutholakale ezingu-14, zazingu-20 izinkomo ezebiwa ngaloluya suku.

Amaphoyisa asaqhubeka nophenyo njengoba zingatholakalanga zonke izinkomo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.