Babanjwe KwaMakhutha abagebenge ibhizinisi eManzimtoti

2017-10-19 14:00

eThekwini - NgoLwesithathu ekuseni ngo-09:30, Amaphoyisa aseManzimtoti abophe abasolwa abathathu abaseminyakeni ephakathi kuka-25 no-31 ubudala.

Laba basolwa baboshelwe amacala okuphanga, ukuzama ukubulala kanye nokutholakala nezikhali ezingekho emthethweni.

Kukholakala ukuthi la basolwa bangene kwelinye lamabhizinisi asedolobheni eManzimtoti bezenza amakhasimende.

Laba basolwa bangene ngodli bakhipha izibhamu bakhomba isisebenzi bethi asivule i-safe.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe abangu-8 KwaMakhutha betholakala nezikhali ezingekho emthethweni

Abasolwa bathathe isikhwama semali kanye nomakhalekhukhwini ababili ngaphambi kokubaleka.

Inkampani yonogada esebenzela kule ndawo ilandele laba basolwa kwaze kwaqala ukudutshulwana ngasemgwaqeni uKingsways.

Kungenelele amaphoyisa kulesi sigameko abasolwa sebefike ngaKwaMakhutha lapho abalaxaze khona imoto abebehamba ngayo emathuneni.

Abasolwa laba babanjwe sebebaleka ngezinyawo kanti kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu mhla zingu-20 Okthoba 2017.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.