Babanjwe ngodobo olunzima abaculi abasafufusa

2017-05-28 11:02

Bakhala bayazithulisa abaculi abasafufusa abathi babanjwe inkunzi yintokazi ebibathembisa lukhulu, ithi isebenzela inkampani yokuqopha iMabala Noise Entertainment (Mabala).

UMthoko Shabalala waseNanda eThekwini nozakwabo uMabusi Dlamini abazibiza nge-Afro Ink bashaywe ngemfe iphindiwe bezitshela ukuthi basebenzisana neMabala kanti baluthwa yiqola elinembobo ekhaleni. 

Elandisa ILANGA LangeSonto uMthoko uthi ngelink ye-website abekholwe wukuthi ngeyeMabala ku-Facebook, wangena kuyo waxhumana nowesifazane onguLerato Sebati.

Ukuxhumana kwabo kwedlulele kuWhatsApp ngemuva kokunikezana izinombolo zikamakhalekhukhwini. Ngaleso sikhathi uthi ubengasoli mkhonyovu, konke bekubukeka kuwungqo, kusukela kwimininingwane abayithole ku-Facebook, yi-website nezithombe ebezifakwa yilo Lerato kwi-profile ye-WhatsApp njengoba konke bekunama-logo eMabala.

Uthi kwi-profile ka-WhatsApp uLerato ubefaka izithombe zosaziwayo baseMabala, kucaca nje ukuthi usezintweni.

Uthi lo wesifazane uthe uzodinga uR20 000 ukuze abatholele i-deal eMabala. Uqhubeke wathi makakhululeke ngoba ingxenye eningi yale mali izokhokhwa yibo abeMabala, yena kumele nje acwebezelise ngokuncane ukuze aqale amenzele lezi zimanga zokuyosayinwa ngokugcwele yilesi sitebele.

"Uthe uyi-agent yabo. Ngithole ucingo luvela enombolweni yaseGoli, bengibuza ukuthi ngiyitholile na i-email abangithumelele yona. Le nombolo yiyo kanye evela kulezi zinkundla zokuxhumana nokungenze ngakholwa wukuthi ukuleli hhovisi.

"Nginikele emshinini wasebhange ukuze ngiyofaka imali (ebifunwe nguLerato). Kuthe uma umshini unginikeza inkinga ngisafake u-R1300 ngangena ngaphakathi ebhange ukuyobachazela, bangitshela ukuthi kumele ibuyiswe yilo muntu engimthumelele yona.

"Ubefune u-R1500. Ngiqale phansi ngayifaka yonke (R1500), sengiyifaka ngaphakathi ngoba sesivumelene ngokuthi uzowubuyisa lo R1300 ebengiwufake ekuqaleni," kulanda uMthoko.

OLUNYE UDABA:Ngabe bekungamaMetro FM Awards noma iMabala Noise Awards?

Uqhuba wathi kuthe uLerato sekufanele abuyise u-R1300 wenqaba, wathi "uzoyogeza ngawo izandla" kwizimeneja ukuze izinto zisheshe.

Kwenye ikhophi ye-email okuvela ukuthi iphuma kwi-address ye-email ethi pr@mabalanoise.co.za ngomhla zingama-31 kuNdasa, uShabalala uthenjiswa ukuthi uzohlangana ne-CEO yeMabala uReggie Nkabinde uma eseye kwinhlolokhono mhlaka ziyi-13 kuMbasa ngehora le-10 ekuseni.

Kuthiwe i-CEO izofona mhlaka-7 enyangeni efanayo ukuqinisekisa ukuthi uShabalala lo uzohanjiswa kanjani emahhovisi eMabala. Kwenye ikhophi kuvela ukuthi iMabala ikhokha R270 000 uma isayina umculi iminyaka emithathu nokuyilapho ebethi uzoyithatha khona ingxenye yemali esele uLerato.

Lizame lancama ILANGA LangeSonto ukuthola uLerato njengoba inombolo yakhe kamakhalekhukhwini ingangeni. Umyalezo kaWhatsApp athunyelelwe wona yintatheli kulo le nombolo ungenile, lwavela uphawu lokuthi ufundiwe wi-profile kaWhatsApp ushintshashintsha izithombe, iningi lazo zinemibhalo yaseMabala nabaculi abangaphansi kwayo.

UThobela Dlamini ongesinye sezikhulu eMabala nobhekele ithalente uthi kabanaye umuntu onguLerato eMabala.

"Kukhona umuntu wale nhlangano yabaculi iKUMISA oke wangithinta ngalolu daba kodwa bengisaxinwe yindaba yamaSAMA, bengingakalulandeleli. Lubi njengoba lulimaza nesithunzi seMabala kodwa yena ngeke adabule, sizomvulela icala. Sicela nisilekelele nani ngemininingwane eninayo," kusho uDlamini obuye abe yisikhulu samaSAMA

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.