Babeke phansi izingcingo abasebenzi bakwa-10111

2017-06-06 14:01

Pretoria -  Inyunyana ye-South African Federation of Trade Unions (Saftu) iyayeseka imashi yabasebenzi abaphendula izingcingo ze-10111 njengoba bemashela ehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa ePitoli.

Ngokwesitatimende sale nyunyana, laba basebenzi bafuna ukukhokhelwa imali efanayo nabasebenzi abasemkhakheni ofana nowabo kwezinye izinhlaka zikahulumeni.

Le nyunyana ithi ngo-2013 abasebenzi be-10111 bahlangana nalowo owayenguKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega kanye nesikhulu samaphoyisa aseGauteng uLesetja Mothiba osanda kuqokwa njengebamba likaKhomishana wamaPhoyisa.

Kulo mhlangano kwadingidwa zonke izikhalazo zabasebenzi mayelana nokungakhokhelwa imali efana neyabanye abasebenza kuma-call centre kahulumeni.

OLUNYE UDABA:Kuhlelwe imashi ngelokubulawa kwentombazane

Ngemuva kwalo mhlango kwasungulwa ithimba elikhethekile elalizophenyisisa izikhalazo zabasebenzi bese lihlanganisa umbiko owawuzothunyelwa ehhovisi lesikhulu samaphoyisa eGauteng.

"Lolu phenyo lwaphothulwa ngomhlaka-30 ku-Ephreli 2016 futhi nombiko wenziwa wathunyelwa ehhovisi lesifunda. Leli thimba lenza iziphakamiso zokuthi iholo labasebenzi bakwa-10111 kumele libe sesigabeni sesikhombisa (R226 211 ngonyaka).

"Lezi ziphakamiso zamukelwa ngabaphathi behhovisi lesifunda kanye nokhomishana wesifunda owenza umbiko wawuthumela kuJenene uKhomotso Phahlane obesebenza njengebamba likaKhomishana wamaphoyisa ukuze asigunyaze ngokusemthethweni," kusho le nyunyana.

Le nyunyana ithi ihhovisi likaKhomishana liqale ukuphendula izikhalazo zayo ngomhlaka-17 Meyi 2017 kodwa alukho ushintsho olubonakalayo.

Laba basebenzi bafuna uNgqongqoshe angenelele ngoba abagculisekile ngendlela olusingethwe ngayo udaba lwabo, kubika iThe Citizen.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.