Babhekene ngeziqu zamehlo o-DJ bodumo baseThekwini

2017-11-12 11:02

Durban - Abasabhekani oDJ bodumo baseThekwini. Izimpukane eziluhlaza zithi isimo asisihle phakathi kwalab' oDJ, okunguDJ Tira (Mthokozisi Khathi) ongumnikazi we-Afrotainment noDJ Fisherman (Sfiso Mjoli) ongumdidiyeli ngaphansi kwale nkampani.

UDJ Fisherman waKwaNdengezi kubikwa ukuthi akasasondeli nokusondela emahhovisi e-Afrotaiment. Imithombo yeLANGA LangeSonto esondelene naye lo DJ ipotshozele leli phephandaba ukuthi isimo sibi impela phakathi kwabo.

UDJ Fisherman kuthiwa akeneme neze ngendlela izinto ezenzeka ngayo e-Afro, ukhala kakhulu ngokuthi akanakiwe yena njengomuntu omdala enkampanini.

Lo mthombo uphinde wadalula ukuthi uDJ Fisherman kumanje uxhumana nabameli bakhe, bahlela ukubopha le nkampani kaDJ Tira. Kuthiwa usola i-Afrotainment ngokungamkhokheli imali yama-royalties engoma eshise izikhotha iHappy Song.

OLUNYE UDABA: Bacishe babambana ngezihluthu emcimbini o-DJ Tira noProfessor

"UFisherman ufuna uTira amkhokhele izigidi zamarandi. Ukhala ngokuthi akatholanga lutho emalini yakwaSuperSport njengoba le ngoma ibisetshenziswa yibona," kuqhuba umthombo.

Ethintwa yileli phephandaba uTira uzwakale sengathi uphelelwa umoya uma ebuzwa ngalolu daba. Uthe uDJ Fisherman akahlangani kancane nale ngoma, ngakho-ke akanalo igunya lokufuna ama-royalties ayo.

"Akenzanga lutho uFish kule ngoma. Abantu abafaka isandla nguDJ Tira, yiBig NUZ, yase ididiyelwa yi-Infinite Boys - ngakho-ke ayikho into ayikweletwayo," kuchaza uDJ Tira.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA LangeSonto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.