Babhekene nohide lwamacala ababoshelwe ukubulala amaphoyisa

2016-07-26 17:30

Pretoria - Abesilisa ababili babhekene nohide lwamacala ngaphezu kwaleli lokubulala iphoyisa, kubika iCitizen.

Uphenyo lokubulawa kwephoyisa luveze ukuthi kunamadokodo angaphezu kuka-20 kanti laba basolwa bayathinteka kuwo wonke lawomacala.

Laba basolwa baboshelwe ukubulala iphoyisa lasePitoli kodwa futhi bayabandakanyeka emacaleni okubulala, ukuzama ukubulala, ukugebenga kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.

OLUNYE UDABA:Kulimale abasolwa abathathu kudutshulwana noKlebe

Inkantolo ilihlehlisele umhlaka 30 kuNcwaba  icala likaLucky Madiba kanye noMpho Mohlala abangabasolwa njengoba amaphoyisa asafuna ukuphenya kabanga ngamadokodo asevelile.

Ngokusho kukamshushisi uBarbara Ndela, abasolwa bangabekwa amacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, amathathu okutholakala nezikhali ezingekho emthethweni nabumakhalekhukhwini, ukuphanga ngenhloso yokulimaza nokusebenzisa imoto ngaphandle kwemvume yomnikazi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.