Babili abaphekwa ngemibuzo ngokutholakala kwengane eshonile

2017-10-22 09:31

Cape Town - Amaphoyisa aseWestern Cape abambe amadoda amabili kanti lawa madoda aphekwa ngemibuzo mayelana nokubulawa kwentombazane, 10, eManenberg.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana uthi ngoMgqibelo kubanjwe lawa madoda amabili aneminyaka engu-29 no-32 kodwa awakabekwa cala okwamanje.

URwexana uthi amaphoyisa asaphenya ngesigameko sokubulawa kwale ngane.

Isidumbu sikaCharnelle McCrawl satholakala ngoLwesihlanu ngasedamini iPrimrose Park.

OLUNYE UDABA: Intombazane, 15 eyahamba ekhaya iyobona i-Blesser, ayiphindanga yabuya

UMcCrawl wagcina ukubonakala ngoLwesine ekuseni elibangise esikoleni emgwaqeni obuqamama nekhaya lakubo.

Umndeni wakubo wavula icala ngokulahleka kwakhe ngemuva kokuthi angabuyi ekhaya.

Ngesikhathi umndeni wakubo ufonela esikoleni, bathola ukuthi akazange alubhade ngoLwesine, lokhu kuvezwe ngamaphoyisa etshela abeNews24.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.